45. Wathi kimi: “Leli kamelo elibheke ngaseningizimu ngelabapristi abagcina inkonzo yasendlini.
46. Ikamelo elibheke ngasenyakatho ngelabapristi abagcina inkonzo yase-altare; bangamadodana kaSadoki aphakathi kwamadodana kaLevi, asondela kuJehova ukumkhonza.”
47. Wayeselilinganisa igceke, ubude balo buyizingalo eziyikhulu, nobubanzi buyizingalo eziyikhulu, yizinhlangothi ezine; i-altare laliphambi kwendlu.
48. Wayesengingenisa emphemeni wendlu, walinganisa izinsika zompheme: yizingalo eziyisihlanu ngalapha nezingalo eziyisihlanu ngalapha; ububanzi besango babuyizingalo ezintathu ngalapha nezingalo ezintathu ngalapha.
49. Ubude bompheme babuyizingalo ezingamashumi amabili, nobubanzi buyizingalo eziyishumi nanye ngasezinyathelweni okwakukhushukelwa ngazo kulo; kwakukhona nezibonda ngasezinsikeni, esinye ngalapha nesinye ngalapha.