Wayesengingenisa emphemeni wendlu, walinganisa izinsika zompheme: yizingalo eziyisihlanu ngalapha nezingalo eziyisihlanu ngalapha; ububanzi besango babuyizingalo ezintathu ngalapha nezingalo ezintathu ngalapha.