U-Isaya 5:7-10 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

7. Ngokuba isivini sikaJehova Sebawoti siyindlu ka-Israyeli,namadoda akwaJuda ayisithombo sakhe esithandekayo;wabheka ukwahlulela, kepha bheka, ngukucindezela,yebo, ukulunga, kepha bheka, ngukukhala.

8. Wo kubona abahlanganisa indlu nendlu,besondeza insimu nensimu,kuze kungabe kusaba khona indawo,kwakhe nina nodwa emhlabeni!

9. UJehova Sebawoti wathi ezindlebeni zami:“Impela izindlu eziningi ziyakuba yincithakalo,nezinkulu nezinhle zingabi namuntu ohlala kuzo.

10. Ngokuba ama-eka* ayishumi esiviniayakuthela ibhati* elilodwa,nehomere* lembewu liyakuthela i-efa* nje.”

U-Isaya 5