2 Izikronike 35:8-23 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

8. Izikhulu zakhe zabanika abantu, nabapristi, namaLevi iminikelo yesihle. OHilikiya, noZakariya, noJehiyeli, abaphathi bendlu kaNkulunkulu, babanika abapristi amawundlu ayizinkulungwane ezimbili namakhulu ayisithupha nezinkabi ezingamakhulu amathathu, kube ngokweminikelo yephasika.

9. OKhonaniya, noShemaya, noNethaneli, abafowabo, noHashabiya noJehiyeli, noJozabadi, izinduna zamaLevi, bawanika amaLevi amawundlu ayizinkulungwane eziyisihlanu nezinkabi ezingamakhulu ayisihlanu, kube ngokweminikelo yephasika.

10. Yayisilungiswa-ke inkonzo; abapristi bema ezindaweni zabo namaLevi ngezigaba zawo njengesiyalezo senkosi.

11. Balihlaba iphasika, abapristi bafafaza ngezandla zabo, amaLevi alihlinza.

12. Ayisusa iminikelo yokushiswa ukuba ayabele njengamaqembu ezindlu zawoyise babantu besizwe, ukuze banikele ngayo kuJehova njengokulotshiweyo encwadini kaMose. Enze njalo nakuzo izinkabi.

13. Alosa iphasika ngomlilo njengokomthetho, neminikelo engcwele ayosa emakhanzini, nasezocweni, nasemabhodweni, ashesha akuletha kubantu besizwe.

14. Ngasemuva azilungiselela wona nabapristi, ngokuba abapristi, amadodana ka-Aroni, babesekunikeleni iminikelo namanoni kwaze kwaba sebusuku; ngalokho amaLevi azilungiselela wona nabapristi, amadodana ka-Aroni.

15. Abahlabeleli, amadodana ka-Asafa, babe sendaweni yabo njengokwesiyalezo sikaDavide, no-Asafa, noHemani, noJeduthuni umboni wenkosi; abalindisango babengasesangweni; kwakungadingeki ukuba basuke emsebenzini wabo, ngokuba abafowabo amaLevi babalungisela.

16. Yayisilungiswa-ke inkonzo kaJehova ngalusuku lunye ukwenza iphasika nokunikela ngeminikelo yokushiswa e-altare likaJehova njengesiyalezo senkosi uJosiya.

17. Abantwana bakwa-Israyeli ababekhona balenza iphasika ngaleso sikhathi nomkhosi wesinkwa esingenamvubelo izinsuku eziyisikhombisa.

18. Alenziwanga iphasika elinjengalelo kwa-Israyeli kusukela emihleni kaSamuweli umprofethi, nawo onke amakhosi akwa-Israyeli awenzanga iphasika elinjengalelo elenziwa nguJosiya, nabapristi, namaLevi, naye wonke uJuda no-Israyeli owayekhona, kanye nabakhileyo eJerusalema.

19. Ngomnyaka weshumi nesishiyagalombili wokubusa kukaJosiya leli phasika lenziwa.

20. Emva kwakho konke lokho uJosiya eselilungisile ithempeli, uNekho inkosi yaseGibithe wenyuka ukulwa neKharikemishi ngase-Ewufrathe; uJosiya waphuma ukumhlangabeza.

21. Kepha wathuma izithunywa, wathi: “Nginamsebenzi muni nawe nkosi yakwaJuda na? Angiphambene nawe namuhla, kepha ngiphambene nendlu engilwa nayo; uNkulunkulu ungitshelile ukuba ngisheshe; mgweme uNkulunkulu onami ukuba angakuchithi.”

22. Kepha uJosiya akaphendukanga kuye, kodwa waziguqula ukuba alwe naye; akalalelanga amazwi kaNekho emlonyeni kaNkulunkulu, weza ukulwa esigodini saseMegido.

23. Abacibishelayo bacibishela inkosi; inkosi yathi ezincekwini zayo: “Ngikhipheni, ngokuba ngikhutshaziwe kakhulu.”

2 Izikronike 35