Kepha wathuma izithunywa, wathi: “Nginamsebenzi muni nawe nkosi yakwaJuda na? Angiphambene nawe namuhla, kepha ngiphambene nendlu engilwa nayo; uNkulunkulu ungitshelile ukuba ngisheshe; mgweme uNkulunkulu onami ukuba angakuchithi.”