2 Amakhosi 10:24-35 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

24. Bangena ukunikela ngemihlatshelo nangeminikelo yokushiswa. UJehu wayezimisele ngaphandle abantu abangamashumi ayisishiyagalombili, wathi: “Uma kuphunyuka umuntu walaba bantu engibaletha ezandleni zenu, kuyakuba ngukuphila ngokuphila.”

25. Kwathi eseqedile ukunikela ngomnikelo wokushiswa, uJehu wathi kubalindi nasezinduneni: “Ngenani, nibabulale, kungaphumi muntu.” Bababulala ngosiko lwenkemba. Abalindi nezinduna babantshinga phandle, bangena ekamelweni eliphakathi lendlu kaBali.

26. Bakhipha izinsika ezazisendlini kaBali, bazishisa.

27. Babhidliza insika kaBali, badiliza indlu kaBali, bazenza izindlu zendle kuze kube namuhla.

28. UJehu wamchitha-ke uBali kwa-Israyeli.

29. Kepha akasukanga ekulandeleni izono zikaJerobowamu indodana kaNebati onisa ngazo u-Israyeli, namathole egolide ayeseBethele nakwaDani.

30. UJehova wathi kuJehu: “Ngenxa yokuba wenze kahle ngokufeza okulungile emehlweni ami, futhi wenze kuyo indlu ka-Ahabi njengakho konke okwakusenhliziyweni yami, amadodana akho ezizukulwane ezine ayakuhlala esihlalweni sobukhosi sika-Israyeli.”

31. Kodwa uJehu akagcinanga ukuhamba emthethweni kaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ngayo yonke inhliziyo yakhe, kasukanga ezonweni zikaJerobowamu onisa ngazo u-Israyeli.

32. Ngalezo zinsuku uJehova waqala ukunqinda elakwa-Israyeli; uHazayeli wabachitha emikhawulweni yonke yakwa-Israyeli,

33. kusukela eJordani ngasempumalanga, lonke izwe lakwaGileyadi, abakwaGadi, nabakwaRubeni, nabakwaManase, kusukela e-Aroweri elingasemfuleni i-Arinoni, elakwaGileyadi neBashani.

34. Ezinye izindaba zikaJehu, nakho konke akwenzayo, nawo onke amandla akhe, angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli na?

35. UJehu wayeselala koyise, bammbela eSamariya. UJehowahazi, indodana yakhe, waba yinkosi esikhundleni sakhe.

2 Amakhosi 10