Uzefaniya 2:11-15 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

11. UJehova uyakwesabeka phezu kwabo,ngokuba uyakuzacisa bonke onkulunkulu bomhlaba,bakhuleke kuye,kube yilowo nalowo endaweni yakhe,zonke iziqhingi zezizwe.

12. “Nani maKusheniyakubulawa ngenkemba yami.”

13. Uyakwelulela isandla sakhe ngasenyakatho,achithe i-Asiriya,alenze iNineve libe yincithakalo,lome njengehlane.

14. Imihlambi iyakubuthisa phakathi kwalo,zonke izilwane zesizwe,ivuba nonondwebu kuhlale ebusuku ezihlokweni zezinsika zalo,isikhova sikhale emafasiteleni,kube khona incithakalo emigulugulwini,ngokuba wambulile okwemisedari.*

15. Yiwo umuzi owajabula wahlala ulondekile,owathi enhliziyweni yawo:Mina ngikhona, akakho omunye;yeka ukuphenduka kwawo incithakalo nendawo yokubuthisa kwezilwane!Bonke abadlula kuwo bayakuncimfa,banikine isandla sabo.

Uzefaniya 2