1. Buthanani, yebo, buthana,sizwe esingenamahloni,
2. isimiso singakazali lolo suku ludlula njengamakhobalungakanehleli ulaka oluvuthayo lukaJehova,lungakafiki phezu kwenu usuku lolaka lukaJehova.
3. Funani uJehova nina nonke bathobekileyo bomhlabaenisebenzile ukwahlulela kwakhe;funani ukulunga; funani ukuthobeka;mhlawumbe niyakusitshekelwa ngosuku lolaka lukaJehova.
4. Ngokuba iGaza liyakushiywa,i-Ashikeloni libe yincithakalo;bayakulixosha i-Ashidodi emini,i-Ekroni lisishulwe.
5. Wo kwabakhileyo ngasogwini lolwandle,isizwe samaKhereti!Izwi likaJehova liphezu kwakho, Khanani,lizwe lamaFilisiti.“Ngiyakukuchitha ukuze kungabikho ohlala khona.”
6. Ugu lolwandle luyakuba ngamadlelo,lube nemigodi yabelusi nezibaya zezimvu.
7. Ugu luyakuba ngolwensali yendlu yakwaJuda,yaluse kulo;ezindlini zase-Ashikeloni bayakubuthisa kusihlwa,ngokuba uJehova uNkulunkulu wabo uyakubahambela,abuyise ukuthunjwa kwabo.
8. “Ngiyizwile inhlamba yakwaMowabinezithuko zabantwana bakwa-Amoni abathuke ngazo abantu bami,bazikhulisela imikhawulo yabo.