Uzakariya 9:1-3 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Isiprofetho sezwi likaJehova phezu kwezwe lakwaHadiraki; nalo iDamaseku liyakuba yindawo yokuhlala kwaso, ngokuba uJehova uneso kubantu, ikakhulu kuzo zonke izizwe zakwa-Israyeli,

2. kanye neHamati elikhawula kulo, neTire neSidoni, ngokuba kuhlakaniphile kakhulu.

3. ITire lazakhela inqaba,lanqwabela isiliva njengothuli,negolide elicwengekileyo njengodaka lwasezitaladini.

Uzakariya 9