1. Kwathi ngomnyaka wesine wenkosi uDariyu izwi likaJehova lafika kuZakariya ngolwesine lwenyanga eyisishiyagalolunye, ekaKhisilevi.
2. IBethele lalithume oSareseri noRegemi Meleki namadoda abo ukunxusa kuJehova
3. nokukhuluma kubapristi abasendlini kaJehova Sebawoti nakubaprofethi ngokuthi: “Ngikhale ngenyanga yesihlanu, ngizile, njengalokho ngenzile le minyaka eminingi, na?”
4. Lase lifika izwi likaJehova Sebawoti kimi, lathi:
5. “Khuluma kubo bonke abantu bezwe nakubo abapristi, uthi: ‘Ekuzileni kwenu nasekulileni ngenyanga yesihlanu nangeyesikhombisa le minyaka engamashumi ayisikhombisa nangizilela nokungizilela mina na?
6. Lapho nidlayo nalapho niphuzayo, anizidleli, niziphuzela nina, na?