8. Yayisimemeza kimi, yakhuluma kimi, yathi: “Bheka, aphumela ezweni lasenyakatho, ayakuthulisa uMoya wami ezweni lasenyakatho.”
9. Lase lifika izwi likaJehova, lathi;
10. “Yamukela kubathunjwa, kuHelidayi, nakuThobiya, nakuJedaya izipho, uhambe wena ngalona lolo suku, ungene endlini kaJosiya indodana kaZefaniya, lapho befike khona bevela eBabele.
11. Lapho wamukele isiliva negolide, yenza umqhele, uwubeke ekhanda likaJoshuwa indodana kaJehosadaki, umpristi omkhulu,