Uzakariya 3:8-10 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

8. “ ‘Ake uzwe, Joshuwa, mpristi omkhulu, wena nabangane bakho abahlala phambi kwakho, ngokuba bangabantu abayisibonakaliso: bhekani, ngiyakuveza inceku yami, uHlumela.

9. Ngokuba bheka, itshe engilibeke phambi kukaJoshuwa kukhona amehlo ayisikhombisa etsheni lilodwa ngiyakuqopha ukuqoshwa kwalo,’ usho uJehova Sebawoti, ‘ngidedisele kude ububi balelo zwe ngalusuku lunye.

10. “ ‘Ngalolo suku,’ usho uJehova Sebawoti, ‘niyakumema, kube yilowo nalowo umngane wakhe phansi komvini naphansi komkhiwane.’ ”

Uzakariya 3