1. Isiprofetho.Izwi likaJehova ngo-Israyeli. UJehova oweneka amazulu, wabeka isisekelo somhlaba, wabumba umoya womuntu phakathi kwakhe, uthi:
2. “Bheka, ngiyakwenza iJerusalema libe yindebe yokutengezela kubo bonke abantu nxazonke nakulo iJuda ekuvinjezelweni kweJerusalema.
3. Kuyakuthi ngalolo suku ngenze iJerusalema libe yitshe elisindayo kuzo zonke izizwe; zonke ezizithwesa lona ziyakusikwa nokusikwa; zonke izizwe zomhlaba ziyakulihlanganyela.
4. Ngalolo suku,” usho uJehova, “ngiyakushaya onke amahhashi ngokugcwaneka nezinkweli zawo ngobuhlanya; ngiyakuvula amehlo ami phezu kwendlu yakwaJuda, ngishaye onke amahhashi abezizwe ngobumpumputhe.
5. Ababusi bakwaJuda bayakusho ezinhliziyweni zabo ukuthi: ‘Abakhileyo eJerusalema bangamandla ami kuJehova Sebawoti, uNkulunkulu wabo.’
6. “Ngalolo suku ngiyakwenza ababusi bakwaJuda babe ngumcengezi womlilo phakathi kwemithi nobhaqa lomlilo phakathi kwezithungu; bayakuqeda bonke abantu nxazonke ngakwesokunene nangakwesokhohlo, iJerusalema libe lisahlala endaweni yalo eJerusalema.
7. “UJehova uyakusindisa amatende akwaJuda kuqala, ukuze udumo lwendlu yakwaDavide nodumo lwabakhileyo eJerusalema lungakhuliswa phezu kukaJuda.