Uruthe 2:4-11 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

4. Bheka, uBowazi wafika evela eBetlehema, wathi kwabavunayo: “UJehova makabe nani.”Bathi kuye: “UJehova makakubusise.”

5. Wayesethi uBowazi encekwini yakhe eyayibekwe phezu kwabavuni: “Ngekabani le ntombazana na?”

6. Inceku eyayibekwe phezu kwabavuni yaphendula yathi: “Kuyintombazana yakwaMowabi ebuye noNawomi ezweni lakwaMowabi;

7. ithe: ‘Ake ngikhothoze, ngibuthe ezithungwini emva kwabavuni.’ Selokhu ifikile, iqhubekile kusukela ekuseni kuze kube manje, ihlale kancane endlini kuphela.”

8. UBowazi wayesethi kuRuthe: “Angithi uyezwa, ndodakazi yami? Ungayi ukukhothoza kwenye insimu, futhi ungasuki lapha, kepha namathela kuwo amantombazana ami lapha.

9. Amehlo akho mawabe sensimini ayivunayo, uwalandele; angithi ngiyalile abafana ukuba bangakuthinti na? Nxa womile, yana ezitsheni, uphuze lokho abakukhileyo abafana.”

10. Wayesewa ngobuso bakhe, wakhothamela emhlabathini, wathi kuye: “Ngifumaneleni umusa emehlweni akho ukuba unginake, lokhu ngingowezizwe, na?”

11. UBowazi waphendula, wathi kuye: “Kubikiwe kimi konke omenzele khona unyokozala selokhu afa umyeni wakho nokuthi ushiyile uyihlo nonyoko nezwe lokuzalwa kwakho, weza kubantu ongabazanga ngaphambili.

Uruthe 2