Unumeri 8:13-18 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

13. Uyakubeka amaLevi phambi kuka-Aroni naphambi kwamadodana akhe, unikele ngawo abe ngumnikelo wokuzuliswa kuJehova.

14. Uyakwahlukanisa amaLevi phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli, amaLevi abe ngawami.

15. “Emva kwalokho amaLevi ayakungena ukwenza inkonzo yetende lokuhlangana; uyakuwahlambulula, unikele ngawo abe ngumnikelo wokuzuliswa.

16. Ngokuba mina nginikiwe wona phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli; esikhundleni sakho konke okuvula isizalo, amazibulo abo bonke abantwana bakwa-Israyeli, ngizithabathele wona.

17. Ngokuba onke amazibulo phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli angawami, awabantu nawezilwane; mhla ngishaya amazibulo onke ezweni laseGibithe ngazingcwelisela wona.

18. Ngithabathile amaLevi esikhundleni samazibulo onke abantwana bakwa-Israyeli.

Unumeri 8