87. zonke izinkomo zomnikelo wokushiswa zaziyizinkunzi eziyishumi nambili, nezinqama eziyishumi nambili, nezimvu zamaduna ezinomnyaka munye eziyishumi nambili kanye nomnikelo wazo wempuphu, nezimpongo zomnikelo wesono eziyishumi nambili;
88. izinkomo zonke zomhlatshelo weminikelo yokuthula zaziyizinkunzi ezingamashumi amabili nane, nezinqama ezingamashumi ayisithupha, nezimpongo ezingamashumi ayisithupha, nezimvu zamaduna ezingamashumi ayisithupha. Lokho kwakungukwahlukaniselwa kwe-altare; lapho lase ligcotshiwe.
89. Nanxa uMose engena etendeni lokuhlangana ukuba akhulume naye, wezwa izwi likhuluma kuye, livela ngaphezu kwesihlalo somusa esisemphongolweni wobufakazi ngaphakathi kwamakherubi* omabili; wayesekhuluma kuye.