6. Yilokho ayala ngakho uJehova ngamadodakazi kaSelofehadi, ethi: Mawagane njengokuhle emehlweni awo, kodwa agane nokho emndenini wesizwe sikayise.
7. Ifa labantwana bakwa-Israyeli aliyikuhamba izizwe ngezizwe, ngokuba abantwana bakwa-Israyeli bayakunamathela, kube yilowo nalowo efeni lesizwe sawoyise.
8. Yileyo naleyo ndodakazi enefa esizweni esithile sabantwana bakwa-Israyeli iyakuba ngumfazi womndeni wesizwe sikayise, ukuze yilowo nalowo wabantwana bakwa-Israyeli abe nefa lawoyise.
9. Ifa aliyikuhamba izizwe ngezizwe, ngokuba izizwe zabantwana bakwa-Israyeli ziyakunamathela, kube yileso naleso efeni laso.
10. Njengalokho uJehova emyalile uMose, enze njalo-ke amadodakazi kaSelofehadi,
11. ngokuba oMahela, noTirisa, noHogila, noMilka, noNowa, amadodakazi kaSelofehadi, agana amadodana awoyisekazi.