1. Izinhloko zezindlu zawoyise bomndeni wabantwana bakwaGileyadi kaMakiri kaManase, abemindeni yamadodana kaJosefa, zasondela, zakhuluma phambi kukaMose naphambi kwezikhulu, izinhloko zezindlu zawoyise babantwana bakwa-Israyeli,
2. zathi: UJehova wayiyala inkosi yami ukubanika abantwana bakwa-Israyeli izwe libe yifa labo ngenkatho; inkosi yami yayalwa futhi nguJehova ukuba ifa likaSelofehadi umfowethu iwanike lona amadodakazi akhe.
3. Uma egana amadodana ezinye izizwe zabantwana bakwa-Israyeli, ifa lawo liyakususwa efeni lawobaba, lithasiselwe efeni laleso sizwe ayakuba ngawaso, kususwe efeni lezwe lethu.
4. Lapho liyakuba khona ijubili* labantwana bakwa-Israyeli, ifa lawo liyakuthasiselwa efeni lalesosizwe ayakuba ngawaso, ifa lawo lisuswe efeni lesizwe sawobaba.
5. UMose wabayala abantwana bakwa-Israyeli njengezwi likaJehova, wathi: Isizwe samadodana kaJosefa sikhulume kahle.