Unumeri 35:10-13 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

10. “Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Nxa niwela iJordani ningena ezweni laseKhanani,

11. niyakumisela imizi ibe yimizi yokuphephela ukuba umbulali obulala umuntu kungengamabomu abalekele khona.

12. Iyakuba yimizi yenu yokuphepha kumphindiseli, ukuze umbulali angafi engakemi phambi kwenhlangano, ahlulelwe.

13. Imizi eniyakuwanika yona iyakuba yimizi yenu eyisithupha yokuphephela.

Unumeri 35