Unumeri 35:1-3 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. UJehova wakhuluma kuMose emathafeni akwaMowabi ngaseJordani ngaseJeriko, wathi:

2. “Yala abantwana bakwa-Israyeli ukuba banike amaLevi kulo izwe eliyifa labo imizi ukuba ahlale kuyo; niyakunika amaLevi namadlelo emizi nxazonke.

3. Imizi ayakuhlala kuyo, amadlelo awo abe ngawezinkomo zawo, nawempahla yawo, nawezilwane zonke zawo.

Unumeri 35