13. UMose wayala abantwana bakwa-Israyeli, wathi: “Lelo liyizwe eniyakulidla ngenkatho, uJehova ayale ngalo ukuba linikwe izizwe eziyisishiyagalolunye nenxenye,
14. ngokuba isizwe sabantwana bakwaRubeni njengezindlu zawoyise nesizwe sabantwana bakwaGadi njengezindlu zawoyise sezilitholile, nenxenye yesizwe sakwaManase isilitholile ifa layo;
15. lezi zizwe ezimbili nenxenye zathola ifa lazo ngaphesheya kweJordani ngaseJeriko ngasempumalanga, lapho kuphuma khona ilanga.”
16. UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
17. “Lawa angamagama amadoda ayakwahlukanisela izwe libe yifa lenu: u-Eleyazare umpristi noJoshuwa indodana kaNuni.