22. izwe linqotshwe phambi kukaJehova, khona ngasemuva niyakubuya, nibe ngabangenacala kuJehova naku-Israyeli, leli zwe libe yifa lenu phambi kukaJehova.
23. “Kepha uma ningenzi njalo, bhekani, nonile kuJehova; yazini ukuthi isono senu siyakunifumana.
24. Zakheleni imizi yabancane benu nezibaya zezimvu zenu, nikwenze lokho okuphumileyo emlonyeni wenu.”
25. Abantwana bakwaGadi nabantwana bakwaRubeni bakhuluma kuMose, bathi: “Izinceku zakho ziyakwenza njengalokhu inkosi yami iyala.
26. Abancane bethu, nawomkethu, nezimvu zethu, nazo zonke izinkomo zethu kuyakuba lapho emizini yakwaGileyadi,