18. Kepha onke amantombazana angazanga ndoda ngokulala nayo, nizisindisele wona.
19. “Misani ngaphandle kwekamu* izinsuku eziyisikhombisa; yilowo nalowo obulele umuntu, nalowo othintile obuleweyo, makaziphothule ngosuku lwesithathu nangosuku lwesikhombisa, nina nabathunjwa benu.
20. Nazo zonke izingubo, nakho konke okwenziwe ngesikhumba, nayo yonke imisebenzi yoboya bezimbuzi, nazo zonke izinto ezenziwe ngomuthi, niyakuziphothula mayelana nakho.”
21. Umpristi u-Eleyazare wathi kumadoda empi ayeyile ekulweni: “Lokhu kuyisimiso somthetho uJehova ayale ngaso uMose:
22. kuphela igolide, nesiliva, nethusi, nensimbi, nethini,* nomthofu,
23. konke okungahlala emlilweni, niyakukudabulisa emlilweni, kuhlambuluke; kodwa kuyakuhlanjululwa ngamanzi okuphothula, kepha konke okungenakuhlala emlilweni niyakukudabulisa emanzini.
24. Niyakuhlanza izingubo zenu ngosuku lwesikhombisa, nihlambuluke, andukuba ningene ekamu.”*
25. UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
26. “Balani impango yonke ethathiweyo, abantu nezilwane, wena no-Eleyazare umpristi, nezinhloko zezindlu zawoyise benhlangano,
27. wena wahlukanisele impango kabili phakathi kwamadoda empi aya ekulweni nenhlangano yonke,
28. uthelisele uJehova amadoda empi aya ekulweni, kube kunye emakhulwini ayisihlanu, awabantu, nawezinkomo, nawezimbongolo, nawezimvu,
29. nikuthathe enxenyeni yabo, nikunike u-Eleyazare umpristi, kube ngumnikelo wokuphakanyiswa kaJehova.
30. Enxenyeni yabantwana bakwa-Israyeli wothabatha kube kunye emashumini ayisihlanu, awabantu, nawezinkomo, nawezimbongolo, nawezimvu, yebo, awezilwane zonke, ukunike amaLevi agcina inkonzo yetabernakele* likaJehova.”
31. OMose no-Eleyazare umpristi benza njengalokho uJehova emyalile uMose.