Unumeri 3:6-10 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

6. “Sondeza isizwe sakwaLevi, usimise phambi kuka-Aroni, umpristi, ukuba simkhonze.

7. Bayakugcina izimfanelo zakho nezimfanelo zenhlangano yonke phambi kwetende lokuhlangana ukwenza inkonzo yetabernakele.*

8. Bayakugcina yonke impahla yetende lokuhlangana nezimfanelo zabantwana bakwa-Israyeli ukwenza inkonzo yetabernakele.*

9. Uyakunikela amaLevi ku-Aroni nakumadodana akhe; ayanikelwa ngempela kuye, evela kubantwana bakwa-Israyeli.

10. Uyakumisa u-Aroni namadodana akhe, bagcine ubupristi babo; umfokazi osondelayo uyakubulawa.”

Unumeri 3