13. Ngokuba onke amazibulo angawami; ngalolo suku engabulala ngalo onke amazibulo ezweni laseGibithe ngazingcwelisela amazibulo onke kwa-Israyeli, awabantu nawezilwane; ayakuba ngawami; nginguJehova.”
14. UJehova wakhuluma kuMose ehlane laseSinayi, wathi:
15. “Bala abantwana bakwaLevi ngezindlu zawoyise nangemindeni yabo; uyakubala bonke abesilisa kusukela kwabanenyanga kuya phezulu.”
16. UMose wababala njengezwi likaJehova, njengalokho wayalwa.
17. Lawa angamadodana kaLevingamagama awo: oGereshoni,noKohati, noMerari.
18. Lawa angamagama amadodanakaGereshoni ngemindeni yawo:oLibini noShimeyi.