2. Ema phambi kukaMose naphambi kuka-Eleyazare umpristi, naphambi kwezikhulu, naphambi kwayo yonke inhlangano ngasemnyango wetende lokuhlangana, athi:
3. “Ubaba wafela ehlane; wayengekho phakathi kweviyo labahlanganyela uJehova kulo iviyo likaKora; kepha wafa ngesakhe isono engenamadodana.
4. Igama likababa liyakusulelwani emndenini wakhe, lokhu engenandodana na? Siphe ifa phakathi kwabafowabo bakababa.”
5. UMose wayiletha indaba yawo phambi kukaJehova.