49. kwaJeseri: ngumndeni wakwaJeseri;kwaShilemi: ngumndeni wakwaShilemi.
50. Yileyo eyimindeni kaNafetali ngemindeni yayo; ababalwayo kubo babe yizinkulungwane ezingamashumi amane nanhlanu namakhulu amane.
51. Yilabo ababalwayo babantwana bakwa-Israyeli, izinkulungwane ezingamakhulu ayisithupha nanye namakhulu ayisikhombisa namashumi amathathu.
52. UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
53. “Izwe liyakwahlukaniselwa bona labo, libe yifa labo njengokomumo wamagama.
54. Abaningi uyakubanika ifa elikhulu, abayingcosana uyakubanika ifa elincane, yilowo nalowo anikwe ifa ngokwababalwayo kuye.
55. Izwe liyakwahlukaniswa nokho ngenkatho; bayakulidla ifa ngokwamagama ezizwe zawoyise.