17. Wayesefika kuye; bheka, wayemi ngasemnikelweni wakhe wokushiswa, izikhulu zakwaMowabi zinaye. UBalaki wathi kuye: “UJehova ukhulume ngokuthini na?”
18. Wayesethatha isisho sakhe, wathi:“Vuka, Balaki, uzwe;ngilalele, wena ndodana kaSipori:
19. uNkulunkulu akasiye umuntu ukubaaqambe amanga,nandodana yomuntu ukuba azisole;ushilo, angayikukwenza, na?Ukhulumile, angayikukuphelelisa, na?
20. Bheka, ngiyaliwe ukubusisa;yena ubusisile, anginakukubuyisa.
21. Akabonanga ingozi kuJakobe,akabukanga nankathazo kwa-Israyeli.UJehova uNkulunkulu wakhe unaye,nesenanelo senkosi siphakathi kwabo.
22. UNkulunkulu wabakhipha eGibithe;unjengezimpondo zenyathi kubo.
23. Ayikho imilingo engamelananoJakobe;akukho ukubhula okungamelana no-Israyeli;manje sekuyashiwo ngoJakobe nango-Israyeliukuthi uNkulunkulu wenzeni.
24. Bheka, abantu bavukanjengengonyamakazi,nanjengengonyama bayaziphakamisa;abayikulala phansi, bengakayidli impango,baphuze igazi lababuleweyo.”