Unumeri 21:7-12 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

7. Abantu bafika kuMose, bathi: “Sonile, ngokuba sikhulume kabi ngoJehova nangawe; khuleka kuJehova ukuba asuse izinyoka kithi.” UMose wabakhulekela abantu.

8. UJehova wathi kuMose: “Zenzele inyoka enesihlungu, uyibeke ensikeni; kuyakuthi yilowo nalowo olunywayo, lapho eyibheka, uyakusinda.”

9. UMose wenza inyoka yethusi, wayibeka ensikeni; kwathi lapho inyoka imlumile umuntu, uma ebeyibheka inyoka yethusi, wasinda.

10. Abantwana bakwa-Israyeli bahamba, bamisa e-Oboti.

11. Basuka e-Oboti, bamisa e-Iye Abarimi ehlane elingaphandle kwelakwaMowabi ngasempumalanga.

12. Basuka lapho, bamisa esiGodini saseZeredi.

Unumeri 21