Unumeri 2:24-29 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

24. Bonke ababalwayo bekamu lakwa-Efrayimi babe yizinkulungwane eziyikhulu nesishiyagalombili nekhulu ngamabandla abo. Labo bayakusuka babe ngabesithathu.

25. Ibhanela* lekamu lakwaDani liyakuba ngasenyakatho ngamabandla abo; isikhulu sabantwana bakwaDani siyakuba ngu-Ahiyezeri indodana ka-Amishadayi.

26. Ibandla lakhe nalabo ababalwayo kubo babe yizinkulungwane ezingamashumi ayisithupha nambili namakhulu ayisikhombisa.

27. Abamisa eceleni kwakhe bayakuba yisizwe sakwa-Asheri; isikhulu sabantwana bakwa-Asheri siyakuba nguPagiyeli indodana ka-Okirani.

28. Ibandla lakhe nalabo ababalwayo kubo babe yizinkulungwane ezingamashumi amane nanye namakhulu ayisihlanu.

29. Nesizwe sakwaNafetali: isikhulu sabantwana bakwaNafetali siyakuba ngu-Ahira indodana ka-Enani.

Unumeri 2