2. “Abantwana bakwa-Israyeli bayakumisa, kube yilowo nalowo ngasebhaneleni* lakhe ngasezibonisweni zezindlu zawoyise; bayakumisa nxazonke maqondana netende lokuhlangana.”
3. Abamisa ngasempumalanga ngasekuphumeni kwelanga bayakuba ngabebhanela* lekamu* lakwaJuda ngamabandla abo; isikhulu sabantwana bakwaJuda sibe nguNaheshoni indodana ka-Aminadaba.
4. Ibandla lakhe nalabo ababalwayo kubo babe yizinkulungwane ezingamashumi ayisikhombisa nane namakhulu ayisithupha.
5. Abamisa eceleni kwakhe bayakuba yisizwe sakwa-Isakare; isikhulu sabantwana bakwa-Isakare siyakuba nguNethaneli indodana kaSuwari;
6. ibandla lakhe nalabo ababalwayo kulo babe yizinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu nane namakhulu amane.
7. Isizwe sakwaZebuloni: isikhulu sabantwana bakwaZebuloni siyakuba ngu-Eliyabe indodana kaHeloni;
8. ibandla lakhe nalabo ababalwayo kulo babe yizinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu nesikhombisa namakhulu amane.
9. Bonke ababalwayo bekamu lakwaJuda babe yizinkulungwane eziyikhulu namashumi ayisishiyagalombili nesithupha namakhulu amane ngamabandla abo. Labo bayakusuka kuqala.
10. Ibhanela* lekamu lakwaRubeni liyakuba ngaseningizimu ngamabandla abo; isikhulu sabantwana bakwaRubeni siyakuba ngu-Elisuri indodana kaShedewuri.