Unumeri 16:17-33 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

17. thabathani, kube yilowo nalowo umcengezi wakhe womlilo, nibeke impepho kuyo, nilethe phambi kukaJehova kube yilowo nalowo umcengezi wakhe, imicengezi yomlilo engamakhulu amabili namashumi ayisihlanu, nawe futhi no-Aroni, kube yilowo nalowo umcengezi wakhe.”

18. Base bethatha, kwaba yilowo nalowo umcengezi wakhe womlilo, bafaka kuyo umlilo, babeka impepho ngaphezulu, bema ngasemnyango wetende lokuhlangana kanye noMose no-Aroni.

19. UKora wahlanganisela kubo yonke inhlangano ngasemnyango wetende lokuhlangana; inkazimulo kaJehova yabonakala kuyo yonke inhlangano.

20. UJehova wayesekhuluma kuMose naku-Aroni, wathi:

21. “Zahlukaniseni nale nhlangano ukuba ngibaqede ngokuphazima kweso.”

22. Bawa ngobuso babo, bathi: “Nkulunkulu, Nkulunkulu wemimoya yenyama yonke, kona umuntu munye, uthukuthelele inhlangano yonke, na?”

23. UJehova wakhuluma kuMose, wathi:

24. “Yisho kuyo inhlangano, uthi: ‘Khuphukani ngasekamu* likaKora nelikaDathani nelika-Abiramu.’ ”

25. UMose wavuka waya kuDathani naku-Abiramu; amalunga akwa-Israyeli amlandela.

26. Wayesekhuluma kuyo inhlangano, wathi: “Ake nisuke ematendeni alaba bantu ababi, ningathinti lutho olwabo, funa niqedwe ngezono zabo zonke.”

27. Base bekhuphuka ekamu* likaKora nelikaDathani nelika Abiramu nxazonke; oDathani no-Abiramu baphuma, bema ngasemnyango wamatende abo kanye nawomkabo, namadodana abo, nezingane zabo.

28. UMose wathi: “Niyakwazi ngalokhu ukuthi uJehova ungithumile ukwenza yonke le misebenzi, ngokuba angiyenzanga ngowami umqondo.

29. Uma laba bantu befa ngokufa kwabantu bonke, noma behlelwa ngokwehlela abantu bonke, uJehova uyakube kangithumanga.

30. Kepha uma uJehova edala into entsha, umhlaba uvule umlomo wawo, ubagwinye kanye nakho konke okwabo, bashone besezwa endaweni yabafileyo, niyakuqonda ukuthi laba bantu bamdelele uJehova.”

31. Kwathi eseqedile onke lawo mazwi, umhlaba ophansi kwabo waqhekezeka;

32. umhlaba wavula umlomo wawo, wabagwinya nezindlu zabo, nabantu bonke bakaKora, nempahla yabo yonke.

33. Bona bashona besezwa nakho konke okwabo endaweni yabafileyo; umhlaba wabagqiba, baqothulwa ebandleni.

Unumeri 16