17. thabathani, kube yilowo nalowo umcengezi wakhe womlilo, nibeke impepho kuyo, nilethe phambi kukaJehova kube yilowo nalowo umcengezi wakhe, imicengezi yomlilo engamakhulu amabili namashumi ayisihlanu, nawe futhi no-Aroni, kube yilowo nalowo umcengezi wakhe.”
18. Base bethatha, kwaba yilowo nalowo umcengezi wakhe womlilo, bafaka kuyo umlilo, babeka impepho ngaphezulu, bema ngasemnyango wetende lokuhlangana kanye noMose no-Aroni.
19. UKora wahlanganisela kubo yonke inhlangano ngasemnyango wetende lokuhlangana; inkazimulo kaJehova yabonakala kuyo yonke inhlangano.
20. UJehova wayesekhuluma kuMose naku-Aroni, wathi:
21. “Zahlukaniseni nale nhlangano ukuba ngibaqede ngokuphazima kweso.”
22. Bawa ngobuso babo, bathi: “Nkulunkulu, Nkulunkulu wemimoya yenyama yonke, kona umuntu munye, uthukuthelele inhlangano yonke, na?”
23. UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
24. “Yisho kuyo inhlangano, uthi: ‘Khuphukani ngasekamu* likaKora nelikaDathani nelika-Abiramu.’ ”