Unumeri 13:21-29 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

21. Base behamba-ke, bahlola izwe kusukela ehlane laseSini kuze kube seRehobe ekuyeni ngaseHamati.

22. Benyukela ngaseningizimu, bafika eHebroni; o-Ahimani, noSheshayi, noTalimayi, abantwana bakwa-Anaki, babelapho. IHebroni lakhiwa iminyaka eyisikhombisa lingakakhiwa iSowani laseGibithe.

23. Bafika esiGodini sase-Eshikoli,* banquma khona igatsha elinehlukuzo lezithelo zomvini, balithwala ngothi phakathi kwababili, kanye namapomegranati* namakhiwane.

24. Leyo ndawo yathiwa isiGodi sase-Eshikoli* ngenxa yehlukuzo abantwana bakwa-Israyeli abalinquma khona.

25. Base bebuya ekuhloleni izwe ngasekupheleni kwezinsuku ezingamashumi amane.

26. Baya bafika kuMose naku-Aroni nakuyo yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli ehlane lasePharanu eKadeshi, babuyisela izwi kubo nakuyo yonke inhlangano, bababonisa izithelo zezwe.

27. Bamtshela bathi: “Safika-ke ezweni owasithuma kulo; ngempela livame ubisi nezinyosi; lokhu kuyizithelo zalo.

28. Nokho abantu abakhe ezweni banamandla, imizi ibiyelwe, mikhulu kakhulu; futhi sabona abantwana bakwa-Anaki khona.

29. U-Amaleki wakhile ezweni laseningizimu; amaHeti, namaJebusi, nama-Amori ahlala ezintabeni; amaKhanani akhile ngaselwandle naseceleni kweJordani.”

Unumeri 13