Unumeri 13:20-25 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

20. nokuthi izwe linjani, noma livundile noma limpofu, noma linezinkuni noma qha. Yibani nesibindi, nibuye nezithelo zezwe.” Kwase kuyisikhathi sezithelo zokuqala zomvini.

21. Base behamba-ke, bahlola izwe kusukela ehlane laseSini kuze kube seRehobe ekuyeni ngaseHamati.

22. Benyukela ngaseningizimu, bafika eHebroni; o-Ahimani, noSheshayi, noTalimayi, abantwana bakwa-Anaki, babelapho. IHebroni lakhiwa iminyaka eyisikhombisa lingakakhiwa iSowani laseGibithe.

23. Bafika esiGodini sase-Eshikoli,* banquma khona igatsha elinehlukuzo lezithelo zomvini, balithwala ngothi phakathi kwababili, kanye namapomegranati* namakhiwane.

24. Leyo ndawo yathiwa isiGodi sase-Eshikoli* ngenxa yehlukuzo abantwana bakwa-Israyeli abalinquma khona.

25. Base bebuya ekuhloleni izwe ngasekupheleni kwezinsuku ezingamashumi amane.

Unumeri 13