Unumeri 11:7-17 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

7. Imana* lafana nembewu yekoriyanderi,* nokubonakala kwalo kwakunjengokubonakala kwenhlaka yebedola.*

8. Abantwana baphuma ukuliqoqa, baligaya ematsheni, noma beligqula ezigqulweni, balipheka emakhanzini, benza ngalo amaqebelengwane; ukuzwakala kwalo kwakunjengokuzwakala kweqebelengwane lamafutha.

9. Nxa amazolo elala phezu kwekamu* ebusuku, imana* lawela phezu kwawo.

10. UMose wezwa abantu bekhala emindenini yabo, kwaba yilowo nalowo muntu ngasemnyango wetende lakhe; intukuthelo kaJehova yavutha kakhulu; kwakukubi emehlweni kaMose.

11. UMose wathi kuJehova: “Uyiphatheleni kabi inceku yakho na? Angifumananga ngani umusa emehlweni akho ukuba ubeke umthwalo wabo bonke laba bantu phezu kwami na?

12. Ngakhulelwa bonke laba bantu yini, ngabazala, ukuze uthi kimi: ‘Bagone ngasesifubeni sakho njengomondli egona umntwana oncelayo, ubayise ezweni owalifungela oyise,’ na?

13. Ngingathathaphi inyama ukubanika bonke laba bantu na? Ngokuba bakhala kimi, bathi: ‘Siphe inyama ukuba sidle.’

14. Anginakuthwala bonke laba bantu ngedwa, ngokuba kuyangisinda.

15. Uma ungiphatha kanje, ake ungibulale nokungibulala, uma ngifumene umusa emehlweni akho; mangingaluboni usizi lwami.”

16. UJehova wakhuluma kuMose, wathi: “Ngibuthele amadoda angamashumi ayisikhombisa amalunga akwa-Israyeli, owaziyo ukuthi angamalunga abantu nezinduna zabo, uwalethe etendeni lokuhlangana ukuba eme khona nawe.

17. Ngiyakwehla, ngikhulume nawe khona, ngithathe okomoya ophezu kwakho, ngikubeke kuwo; ayakuthwala umthwalo wabantu kanye nawe, ukuze ungawuthwali wedwa.

Unumeri 11