4. Uma bebetha elilodwa, izikhulu, izinhloko zezinkulungwane zakwa-Israyeli, ziyakubuthana kuwe.
5. Nxa nihlaba umkhosi, amakamu* asohlangothini lwasempumalanga ayakusuka.
6. Nanxa nihlaba umkhosi ngokwesibili, amakamu* asohlangothini lwaseningizimu ayakusuka; bayakuhlaba umkhosi ekusukeni kwabo.
7. Kepha lapho liyakubuthwa ibandla, niyakubetha, ningahlabi umkhosi kodwa.
8. “Amadodana ka-Aroni, abapristi, ayakubetha amacilongo; kuyakuba kini isimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu.