12. Abantwana bakwa-Israyeli basuka ehlane laseSinayi amabanga ngamabanga; ifu lema ehlane lasePharanu.
13. Ngokokuqala basuka ngokwesiyalezo sikaJehova ngesandla sikaMose.
14. Kuqala lasuka ibhanela* lekamu* labantwana bakwaJuda ngamabandla abo; uNaheshoni indodana ka-Aminadaba wayephezu kwalelo bandla.
15. Phezu kwebandla lesizwe sabantwana bakwa-Isakare kwakunguNethaneli indodana kaSuwari.
16. Phezu kwebandla lesizwe sabantwana bakwaZebuloni kwakungu-Eliyabe indodana kaHeloni.
17. Itabernakele* lasuswa; amadodana kaGereshoni namadodana kaMerari asuka elithwala itabernakele.
18. Lase lisuka ibhanela* lekamu* likaRubeni ngamabandla abo; phezu kwalelo bandla kwakungu-Elisuri indodana kaShedewuri.
19. Phezu kwebandla lesizwe sabantwana bakwaSimeyoni kwakunguShelumiyeli indodana kaSurishadayi.
20. Phezu kwebandla lesizwe sabantwana bakwaGadi kwakungu-Eliyasafa indodana kaDehuweli.
21. Kwase kusuka amaKohati ethwala izinto ezingcwele; itabernakele* lamiswa, wona engakafiki.
22. Lase lisuka ibhanela* lekamu* labantwana bakwa-Efrayimi ngamabandla abo; phezu kwebandla lakhe kwakungu-Elishama indodana ka-Amihudi.
23. Phezu kwebandla lesizwe sabantwana bakwaManase kwakunguGamaliyeli indodana kaPedasuri.
24. Phezu kwebandla lesizwe sabantwana bakwaBenjamini kwakungu-Abidani indodana kaGideyoni.
25. Lase lisuka ibhanela* lekamu* labantwana bakwaDani elalisemva kwawo onke amakamu ngamabandla abo; phezu kwebandla lakhe kwakungu-Ahiyezeri indodana ka-Amishadayi.
26. Phezu kwebandla lesizwe sabantwana bakwa-Asheri kwakunguPagiyeli indodana ka-Okirani.
27. Phezu kwebandla lesizwe sabantwana bakwaNafetali kwakungu-Ahira indodana ka-Enani.
28. Abantwana bakwa-Israyeli bahamba ngokulandelana kanjalo ngamabandla abo; base besuka-ke.
29. UMose wathi kuHobabi indodana kaRehuweli wakwaMidiyani, umukhwe kaMose: “Siya endaweni ashilo ngayo uJehova, wathi: ‘Ngiyakuninika yona.’ Woza wena, uhambe nathi, siyakukwenzela okuhle, ngokuba uJehova ukhulumile okuhle ngo-Israyeli.”
30. Wathi kuye: “Angiyikuhamba; kepha ngiyakusuka, ngiye ezweni lakithi nasezihlotsheni zami.”
31. Kepha wathi: “Ake ungasishiyi; njengokuba uyazi ukuthi siyakumisa kanjani ehlane, uyakuba ngamehlo ethu.