Unumeri 1:44-49 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

44. Yilabo ababalwayo, ababalwa nguMose nangu-Aroni kanye nezikhulu zakwa-Israyeli, zingamadoda ayishumi nambili, kwaba yileyo naleyo yamela indlu kayise.

45. Bonke ababalwayo babantwana bakwa-Israyeli ngezindlu zawoyise kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, bonke abakwa-Israyeli abangaphuma impi,

46. bonke ababalwayo babe yizinkulungwane ezingamakhulu ayisithupha nantathu namakhulu ayisihlanu namashumi ayisihlanu.

47. Kepha amaLevi ngokwesizwe sawoyise awabalwanga phakathi kwabo.

48. Ngokuba uJehova wakhuluma kuMose, wathi:

49. “Isizwe sakwaLevi kuphela awuyikusibala, ungabali umumo waso phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli,

Unumeri 1