38. Kubantwana bakwaDani, izizukulwane zabo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, bonke abangaphuma impi:
39. labo ababalwayo kubo, abesizwe sakwaDani, babe yizinkulungwane ezingamashumi ayisithupha nambili namakhulu ayisikhombisa.
40. Kubantwana bakwa-Asheri, izizukulwane zabo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuyo phezulu, bonke abangaphuma impi:
41. labo ababalwayo kubo, abesizwe sakwa-Asheri, babe yizinkulungwane ezingamashumi amane nanye namakhulu ayisihlanu.
42. Kubantwana bakwaNafetali, izizukulwane zabo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama, kusukela kwabenminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, bonke abangaphuma impi: