Unumeri 1:38-42 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

38. Kubantwana bakwaDani, izizukulwane zabo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, bonke abangaphuma impi:

39. labo ababalwayo kubo, abesizwe sakwaDani, babe yizinkulungwane ezingamashumi ayisithupha nambili namakhulu ayisikhombisa.

40. Kubantwana bakwa-Asheri, izizukulwane zabo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuyo phezulu, bonke abangaphuma impi:

41. labo ababalwayo kubo, abesizwe sakwa-Asheri, babe yizinkulungwane ezingamashumi amane nanye namakhulu ayisihlanu.

42. Kubantwana bakwaNafetali, izizukulwane zabo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama, kusukela kwabenminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, bonke abangaphuma impi:

Unumeri 1