Unehemiya 7:33-41 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

33. amadoda elinye iNebo: ngamashumi ayisihlanu nambili;

34. abantwana bakwa-Elamu omunye: yinkulungwane namakhulu amabili namashumi ayisihlanu nane;

35. abantwana bakwaHarimi: ngamakhulu amathathu namashumi amabili;

36. abantwana baseJeriko: ngamakhulu amathathu namashumi amane nanhlanu;

37. abantwana baseLodi, naseHadidi, nase-Ono: ngamakhulu ayisikhombisa namashumi amabili nanye;

38. abantwana baseSenawa: yizinkulungwane ezintathu namakhulu ayisishiyagalolunye namashumi amathathu.

39. Abapristi: abantwana bakwaJedaya, abendlu kaJeshuwa: ngamakhulu ayisishiyagalolunye namashumi ayisikhombisa nantathu;

40. abantwana bakwa-Imeri: yinkulungwane namashumi ayisihlanu nambili;

41. abantwana bakwaPhashuri: yinkulungwane namakhulu amabili namashumi amane nesikhombisa;

Unehemiya 7