Unehemiya 7:32-38 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

32. amadoda aseBethele nase-Ayi: yikhulu namashumi amabili nantathu;

33. amadoda elinye iNebo: ngamashumi ayisihlanu nambili;

34. abantwana bakwa-Elamu omunye: yinkulungwane namakhulu amabili namashumi ayisihlanu nane;

35. abantwana bakwaHarimi: ngamakhulu amathathu namashumi amabili;

36. abantwana baseJeriko: ngamakhulu amathathu namashumi amane nanhlanu;

37. abantwana baseLodi, naseHadidi, nase-Ono: ngamakhulu ayisikhombisa namashumi amabili nanye;

38. abantwana baseSenawa: yizinkulungwane ezintathu namakhulu ayisishiyagalolunye namashumi amathathu.

Unehemiya 7