Unehemiya 7:29-36 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

29. amadoda aseKiriyati Jeharimi, naseKhefira, naseBeyeroti: ngamakhulu ayisikhombisa namashumi amane nantathu;

30. amadoda aseRama naseGeba: ngamakhulu ayisithupha namashumi amabili nanye;

31. amadoda aseMikimasi: yikhulu namashumi amabili nambili;

32. amadoda aseBethele nase-Ayi: yikhulu namashumi amabili nantathu;

33. amadoda elinye iNebo: ngamashumi ayisihlanu nambili;

34. abantwana bakwa-Elamu omunye: yinkulungwane namakhulu amabili namashumi ayisihlanu nane;

35. abantwana bakwaHarimi: ngamakhulu amathathu namashumi amabili;

36. abantwana baseJeriko: ngamakhulu amathathu namashumi amane nanhlanu;

Unehemiya 7