Unehemiya 4:18-21 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

18. nabakhi bonke babe nenkemba ibhincwe ezinkalweni zabo, bakha kanjalo. Owabetha icilongo wayengaseceleni kwami.

19. Ngokuba ngangithe kwabakhulu nakubabusi nakwabanye abantu: “Umsebenzi mkhulu, ubanzi, sahlukene ogangeni, omunye ukude nomunye.

20. Noma kuyiphi indawo lapho nizwa khona ukubethwa kwecilongo, buthanani khona, nize kithi; uNkulunkulu wethu uyakusilwela.”

21. Sase senza nathi umsebenzi wethu, inxenye iphethe imikhonto, kusukela ekuqaleni kokusa kuze kuphume izinkanyezi.

Unehemiya 4