Unehemiya 3:24-27 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

24. Emva kwakhe kwalungisa uBinuwi indodana kaHenadadi elinye ibanga, kusukela endlini ka-Azariya kuze kube seNqutshini, kuze kube naseGumbini.

25. UPhalali, indodana ka-Uzayi, wayemalungana neNqubu nombhoshongo ophumeleleyo endlini yenkosi engasenhla ngasegcekeni letilongo. Emva kwakhe nguPhedaya indodana kaPharoshi.

26. AmaNethini* ayehlezi e-Ofeli kwaze kwaba sendaweni malungana neSango Lamanzi ngasempumalanga nombhoshongo ophumeleleyo.

27. Emva kwakhe kwalungisa abaseThekhowa elinye ibanga malungana nombhoshongo omkhulu ophumeleleyo kwaze kwaba sogangeni lwase-Ofeli.

Unehemiya 3