18. Emva kwakhe kwalungisa abafowabo, uBavayi indodana kaHenadadi, umbusi wenxenye yesifunda saseKeyila.
19. Eceleni kwakhe kwalungisa u-Ezeri indodana kaJeshuwa, umbusi waseMispa, elinye ibanga malungana nommango oya endlini yezikhali eNqutshini.
20. Emva kwakhe kwalungisa nokulungisa uBaruki indodana kaZabayi elinye ibanga, kusukela eNqutshini kuze kube semnyango wendlu ka-Eliyashibi umpristi omkhulu.
21. Emva kwakhe kwalungisa uMeremoti, indodana ka-Uriya kaHakhosi, elinye ibanga, kusukela emnyango wendlu ka-Eliyashibi kuze kube sekugcineni kwendlu ka-Eliyashibi.
22. Emva kwakhe kwalungisa abapristi, abantu basethafeni.
23. Emva kwabo kwalungisa oBenjamini noHashubi malungana nendlu yabo. Emva kwabo kwalungisa u-Azariya indodana kaMahaseya ka-Ananiya eceleni kwendlu yakhe.
24. Emva kwakhe kwalungisa uBinuwi indodana kaHenadadi elinye ibanga, kusukela endlini ka-Azariya kuze kube seNqutshini, kuze kube naseGumbini.
25. UPhalali, indodana ka-Uzayi, wayemalungana neNqubu nombhoshongo ophumeleleyo endlini yenkosi engasenhla ngasegcekeni letilongo. Emva kwakhe nguPhedaya indodana kaPharoshi.