Unehemiya 3:18-25 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

18. Emva kwakhe kwalungisa abafowabo, uBavayi indodana kaHenadadi, umbusi wenxenye yesifunda saseKeyila.

19. Eceleni kwakhe kwalungisa u-Ezeri indodana kaJeshuwa, umbusi waseMispa, elinye ibanga malungana nommango oya endlini yezikhali eNqutshini.

20. Emva kwakhe kwalungisa nokulungisa uBaruki indodana kaZabayi elinye ibanga, kusukela eNqutshini kuze kube semnyango wendlu ka-Eliyashibi umpristi omkhulu.

21. Emva kwakhe kwalungisa uMeremoti, indodana ka-Uriya kaHakhosi, elinye ibanga, kusukela emnyango wendlu ka-Eliyashibi kuze kube sekugcineni kwendlu ka-Eliyashibi.

22. Emva kwakhe kwalungisa abapristi, abantu basethafeni.

23. Emva kwabo kwalungisa oBenjamini noHashubi malungana nendlu yabo. Emva kwabo kwalungisa u-Azariya indodana kaMahaseya ka-Ananiya eceleni kwendlu yakhe.

24. Emva kwakhe kwalungisa uBinuwi indodana kaHenadadi elinye ibanga, kusukela endlini ka-Azariya kuze kube seNqutshini, kuze kube naseGumbini.

25. UPhalali, indodana ka-Uzayi, wayemalungana neNqubu nombhoshongo ophumeleleyo endlini yenkosi engasenhla ngasegcekeni letilongo. Emva kwakhe nguPhedaya indodana kaPharoshi.

Unehemiya 3