Unehemiya 2:5-10 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

5. Ngathi enkosini: “Uma kukuhle enkosini, uma inceku yakho ifumene umusa emehlweni akho, ungivumele ukuba ngiye kwaJuda emzini wamathuna awobaba ukuba ngiwuvuse.”

6. Inkosi yathi kimi, inkosikazi ihlezi eceleni kwayo: “Uhambo lwakho luyakuba yisikhathi esingakanani, nokubuya kuyakuba nini na?” Kwaba kuhle-ke enkosini ukuvuma ukuba ngihambe; ngayitshela isikhathi esithile.

7. Futhi ngathi enkosini: “Uma kukuhle enkosini, manginikwe izincwadi kubabusi phesheya koMfula,* ukuze bavume ukuba ngidlule ngize ngifike kwaJuda,

8. kanye nencwadi ku-Asafa umlindihlathi lenkosi ukuba anginike imithi yemishayo yamasango enqaba ehlangene nethempeli, neyongange lomuzi, neyendlu engiyakungena kuyo.” Inkosi yanginika lokhu ngokwesandla esihle sikaNkulunkulu wami esasiphezu kwami.

9. Ngase ngifika kubabusi phesheya koMfula,* ngabanika izincwadi zenkosi. Inkosi yayithume nami izinduna zempi nabamahhashi.

10. Kepha lapho umHoroni, uSanibalati, noThobiya inceku yakwa-Amoni sebezwile lokho, kwaba kubi kakhulu kubo ukuthi kufike umuntu ukufuna inhlalakahle ka-Israyeli.

Unehemiya 2