16. Ababusi babengazi lapho ngangiye khona nengikwenzileyo; futhi ngangingakabatsheli abaJuda, nabapristi, nabakhulu, nababusi, nabanye ababewenza umsebenzi.
17. Kepha ngase ngithi kubo: “Niyayibona inhlupheko esikuyona, lokhu iJerusalema lichithekile namasango alo eshiswe ngomlilo; wozani sivuse ugange lwaseJerusalema ukuba singabe sisaba yihlazo.”
18. Ngabatshela ngesandla sikaNkulunkulu wami esasisihle phezu kwami, nangamazwi enkosi eyayiwakhulume kimi. Bathi: “Masisuke sakhe,” beqinisela izandla zabo lowo msebenzi.
19. Kepha lapho uSanebalati, umHoroni, noThobiya inceku yakwa-Amoni, noGeshemi wase-Arabiya bezwa lokho, basihleka usulu, basidelela, bathi: “Yini lokhu enikwenzayo na? Niyakuyihlubuka inkosi na?”
20. Ngase ngibabuyisela amazwi, ngathi kubo: “UNkulunkulu wezulu uyakusiphumelelisa; ngalokho thina zinceku zakhe siyakusuka sakhe, kepha nina aninasabelo, nalungelo, nasikhumbuzo eJerusalema.”