Unehemiya 11:18-23 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

18. Onke amaLevi emzini ongcwele ayengamakhulu amabili namashumi ayisishiyagalombili nane.

19. Abalindisango o-Akubi noThalimoni nabafowabo ababelinda ngasemasangweni babe yikhulu namashumi ayisikhombisa nambili.

20. Abakwa-Israyeli abaseleyo, abapristi namaLevi, babe semizini yonke yakwaJuda, kwaba yilowo nalowo efeni lakhe.

21. AmaNethini* ahlala e-Ofeli; oSiha noGishipha babe phezu kwamaNethini.

22. Umbonisi wamaLevi eJerusalema kwakungu-Uzi kaBani, kaHashabiya, kaMathaniya, kaMika wamadodana ka-Asafa, abahlabeleli, engumphathi womsebenzi wendlu kaNkulunkulu.

23. Ngokuba kwakukhona umyalo wenkosi ngabo, nomthetho wabahlabeleli njengokufunekayo imihla ngemihla.

Unehemiya 11