15. KumaLevi: nguShemaya kaHashubi, ka-Azirikamu, kaHashabiya, kaBuni,
16. noShabethayi noJozabadi bezinhloko zamaLevi ababephethe umsebenzi wangaphandle wendlu kaNkulunkulu,
17. noMathaniya, kaMika, kaZabidi, ka-Asafa, induna yomkhuleko wokubonga, noBakibukiya, owesibili phakathi kwabafowabo, no-Abida kaShamuwa kaGalali kaJeduthuni.
18. Onke amaLevi emzini ongcwele ayengamakhulu amabili namashumi ayisishiyagalombili nane.
19. Abalindisango o-Akubi noThalimoni nabafowabo ababelinda ngasemasangweni babe yikhulu namashumi ayisikhombisa nambili.
20. Abakwa-Israyeli abaseleyo, abapristi namaLevi, babe semizini yonke yakwaJuda, kwaba yilowo nalowo efeni lakhe.
21. AmaNethini* ahlala e-Ofeli; oSiha noGishipha babe phezu kwamaNethini.
22. Umbonisi wamaLevi eJerusalema kwakungu-Uzi kaBani, kaHashabiya, kaMathaniya, kaMika wamadodana ka-Asafa, abahlabeleli, engumphathi womsebenzi wendlu kaNkulunkulu.
23. Ngokuba kwakukhona umyalo wenkosi ngabo, nomthetho wabahlabeleli njengokufunekayo imihla ngemihla.
24. UPhethahiya, indodana kaMeshezabeli, wabantwana bakwaZera, indodana kaJuda, wayengasesandleni senkosi ezindabeni zonke zabantu.