Unehemiya 11:15-24 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

15. KumaLevi: nguShemaya kaHashubi, ka-Azirikamu, kaHashabiya, kaBuni,

16. noShabethayi noJozabadi bezinhloko zamaLevi ababephethe umsebenzi wangaphandle wendlu kaNkulunkulu,

17. noMathaniya, kaMika, kaZabidi, ka-Asafa, induna yomkhuleko wokubonga, noBakibukiya, owesibili phakathi kwabafowabo, no-Abida kaShamuwa kaGalali kaJeduthuni.

18. Onke amaLevi emzini ongcwele ayengamakhulu amabili namashumi ayisishiyagalombili nane.

19. Abalindisango o-Akubi noThalimoni nabafowabo ababelinda ngasemasangweni babe yikhulu namashumi ayisikhombisa nambili.

20. Abakwa-Israyeli abaseleyo, abapristi namaLevi, babe semizini yonke yakwaJuda, kwaba yilowo nalowo efeni lakhe.

21. AmaNethini* ahlala e-Ofeli; oSiha noGishipha babe phezu kwamaNethini.

22. Umbonisi wamaLevi eJerusalema kwakungu-Uzi kaBani, kaHashabiya, kaMathaniya, kaMika wamadodana ka-Asafa, abahlabeleli, engumphathi womsebenzi wendlu kaNkulunkulu.

23. Ngokuba kwakukhona umyalo wenkosi ngabo, nomthetho wabahlabeleli njengokufunekayo imihla ngemihla.

24. UPhethahiya, indodana kaMeshezabeli, wabantwana bakwaZera, indodana kaJuda, wayengasesandleni senkosi ezindabeni zonke zabantu.

Unehemiya 11